Noma wubani onemvume yokuhlala unomphela eNingizimu Afrika ukufanele ukwenza isicelo sokuba yisakhamuzi saseNingizimu Afrika ngenqubo ebizwa i-naturalisation ngemuva kweminyaka emihlanu yokuba yisakhamuzi esihlala unomphela.
Noma wubani oshade nesakhamuzi saseNingizimu Afrika ukufanele ukuba yisakhamuzi esivela kwelinye izwe ngemuva kweminyaka emibili ngemuva kokuthola imvume yokuhlala unomphela ekhishwe lapho eshada.
Ingane eneminyaka engu-21 enemvume yokuhlala unomphela ikufanele ukuba yisakhamusi esivela kwelinye izwe, masishane ngemuva kokuba kukhishwe imvume.
Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-63 kanye ne-BI-757 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya. Yenza isicelo kwinxusa noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Khipha imvume yokuhlala unomphela esebenzayo noma i-exemption.
Gcwalisa ifomu le-SAP kanye nesethi ephelele yezigxivizo zeminwe ukuthola isitifikedi sokuba msulwa sasemaphoyiseni.
Fakela ifomu eligcwalisiwe le-BI-9 nesethi ephelele yezigxivizo zeminwe kanye neithombe ezimbili zosayizi we-ID uma uneminyaka engaphezu kwengu-15. Lokhu kwenzelwa ukuthi uthole umazisi ngemuva kokuba kwemukelwe isicelo sakh sokuba yisakhamuzi sezwe kodwa esivela kwelinye izwe.
Umzali obhekene nengane angenza isicelo egameni lengane esencane ngeminyaka emthethweni noma kunini lapho lowo osemncane ehlala eNingizimu Afrika unomphela ngokusemthethweni.
Umazisi izokhishwa ebese ithunyelwa umenzi wesicelo.
Abenzi bezicelo izicelo zabo ezingamukelwanga bazokwaziswa ngokufanele.
Izicelo zingathatha izinyanga ezingu-2 ukuya kwezingu-4.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
